Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 19:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 19:20
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba;


“Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*


babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.


UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi:


UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.


UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba.


Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.


“UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.


Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ