Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 18:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 18:25
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”


UDavide wabala abantu ababe naye, wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo.


Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.


Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.


Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,


“Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ