Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 18:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Mabahlulele abantu ngaso sonke isikhathi; zonke izindaba ezinkulu ziyakuziletha kuwe, kepha zonke ezincane ziyakwahlulela; ngakho-ke kuyoba lula kuwe, futhi bayothwala umthwalo kanye nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 18:22
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.


Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa.


Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ”


Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.


indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Abamfumana etheza izinkuni bamyisa kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano.


Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:


Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,


Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ