Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 18:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukhethe kubo bonke abantu amadoda afanelekayo amesabayo uNkulunkulu, amadoda eqiniso, azondayo ukuhaha; wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zeshumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 18:21
49 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”


Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”


UDavide wabala abantu ababe naye, wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.


UNkulunkulu ka-Israyeli wathi, iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokumesaba uNkulunkulu,


Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u-Ahabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


U-Ahabi wabiza u-Obadiya owayephezu kwendlu yakhe. U-Obadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu,


“Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.


Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?


ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.


Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.


Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya.


“Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami,


Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?


ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.”


UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.


Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.


enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;


Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


“Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,


Yilezi zinto eniyakuzenza: khulumani iqiniso, kube yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu,


Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.


Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.


Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.


Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.


“Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu,


Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo;


Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.


Amalunga alowo muzi ayakumthatha lowo muntu, amlaye,


ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,


nezikhulu eziyishumi kanye naye, isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa-Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.


Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ