Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 18:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Umukhwe kaMose wakubona konke lokhu ayekwenzela abantu, wathi kuye: “Kuyini lokhu obenzela khona abantu na? Kungani uhlale wedwa, uzungezwe ngabantu kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lapho umukhwe kaMose ebona konke akwenzela abantu, wathi: “Iyini le nto oyenza kubantu? Uhlalelani wedwa, nabantu bonke bema kuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 18:14
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, u-Abisalomu wambiza wathi: “Ungowamuphi umuzi na?” athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.”


Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu.


Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.


Bambeka ukuba alindwe, ngokuba kwakungakanqunywa ukuthi kuyakwenziwani kuye.


Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ