Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova wathi kuMose: “Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 USimakade wathi kuMose: “Hamba phambi kwabantu, uthathe amanye amalunga akwa-Israyeli, nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova wayesethi kuMose: “Phuma phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli nawe; nentonga yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe esandleni sakho, uhambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 17:5
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.


Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.


“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.


“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ