Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 17:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: “Siphe amanzi, siphuze.” UMose wathi kubo: “Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Abantu baxabana noMose, bathi: “Sinike amanzi ukuze siphuze.” UMose wathi kubo: “Nilwelani nami na? Nimvivinyelani uSimakade na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngakho abantu baphikisana loMozisi besithi: Siphe amanzi, siphuze. Wayesethi uMose kubo: “Niphikisana nami na? ubuzani eNkosini?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 17:2
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.


Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla abakufisayo.


Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe.


ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba, njengasosukwini lwaseMasa ehlane,


lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya, babona umsebenzi wami.


Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”


UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”


Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.”


Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”


Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.


lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,


Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”


UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”


Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”


Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?


Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”


Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


“Aniyikumlinga uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho namlinga eMasa.


“EThabehera naseMasa naseKibiroti Hathawa namthukuthelisa uJehova.


lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;


Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli, lapho bethi: “Siphe inkosi ukuba isahlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ