Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 17:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kodwa izandla zikaMose zaba nzima; bathatha itshe, walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engalapha, omunye engalapha; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Kodwa izandla zikaMose zase zikhathele, ngakho-ke bathatha itshe balibeka phansi kwakhe, wahlala kulo. U-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye kuleli cala nomunye kwelinye icala, izandla zama kanjalo ziqinile laze lashona ilanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa izandla zikaMose zazinzima; bathatha itshe, balibeka phansi kwakhe, wahlala phezu kwalo; o-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye ngalapha, omunye engalapha; izandla zakhe zaziqinile laze lashona ilanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 17:12
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo; yisho kuwo umphefumulo wami, uthi: “Mina ngiyinsindiso yakho.”


Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe, u-Israyeli wahlula, kepha nxa esehlisa, u-Amaleki wahlula.


UJoshuwa wamchitha u-Amaleki nabantu bakhe ngosiko lwenkemba.


Wathi kumalunga: “Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.”


Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.


Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,


Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,


Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.


UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ