Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine zonke izimiso zakhe, angiyikubeka nasinye salezi zifo. Engakwehlisela phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova ophilisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:26
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.


Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.


Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.’ ”


“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.


yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho;


Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.


Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.


Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.


Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,


nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,


Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”


Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela, usho uJehova, ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,


Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.


kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


“Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,


Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.


“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze,


UMose wakhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.”


Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.


Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


nxa ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.


“Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO,


Uyakubuyisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owazesabayo, zinamathele kuwe.


“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


UJehova uyakususa kuwe zonke izifo, angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ