Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho, indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo, indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho, indawo Wena Simakade ozenzele yona ukuba uhlale kuyo, indawo engcwele Simakade, emiswe yizandla zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yelifa lakho, endaweni oyenzele ukuthi uhlale kuyo, Nkosi, endaweni engcwele, Nkosi, ezayimisayo izandla zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,


Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube phakade.”


khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.


Nina zintaba ezineziqongo, yini ukuba niyibuke ngomhawu intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.


Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.


yebo, lo mvini otshalwe ngesokunene sakho, nendodana ozikhulisele yona.


Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.


“Ngomusa wakho wabahola abantu obahlengileyo; ngamandla akho wabayisa endlini yakho engcwele.


“Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


“Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.


Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”


Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Izizwe ziyakwazi ukuthi mina Jehova ngiyangcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele ikhona phakathi kwabo kuze kube phakade.’ ”


Bayakubizela izizwe entabeni, bahlabele khona imihlatshelo yokulunga; ngokuba bayakumunca inala yezilwandle, nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”


Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile, welani, niye ezweni lefa likaJehova, lapho lihlala khona itabernakele* likaJehova, nibe nefa phakathi kwethu; kepha ningahlubuki uJehova, ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i-altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ