Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Izizwe zizwile; ziyakuthuthumela; abakhe eFilistiya behlelwe luvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Izizwe zizwile, zathuthumela; iminjunju yehlela izakhamuzi zaseFilistiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Abantu bayakuzwa, besabe; usizi luyakubamba abakhileyo ePalestine.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Igama likaDavide laphumela emazweni onke; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo.


Ngomoya wasempumalanga waphula imikhumbi yaseTharishishi.


Ungathokozi wena Filistiya lonke ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile, ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu, nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.


Klewula wena sango, dazuluka wena muzi, phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi; akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.


Lapho kubikwa eGibithe, bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.


Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi, lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni emazweni ongawazanga.


Uyema, uzamazamisa umhlaba; ubuka, uthuthumelisa izizwe; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.


Ngibona amatende aseKushani ephansi kosizi, izilenge zezwe lakwaMidiyani ziyathuthumela.


babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.


Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe ukumbiza ngokuthi: “Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami;


Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune-Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.


Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,


AmaFilisti esaba, ngokuba athi: “UNkulunkulu ufikile ekamu.*” Athi-ke: “Maye kithina! Ngokuba akuzange kube khona okunje ngaphambili.


Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ