Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; baminzisa okomthofu emanzini anamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; bacwila emanzini anamandla njengomthofu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:10
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla.


Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.


Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.


Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise; uyavusa umoya wakhe, amanzi agobhoze.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.


Izintwa ziyabasibekela; bashona ezinzulwini njengetshe.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?


UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe, anikine isandla sakhe phezu koMfula* ngokuhwamula komoya wakhe, awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa, ukuze kuhanjwe ngezicathulo.


Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.


Bamemeza khona, bathi: ‘UFaro inkosi yaseGibithe ungumsindo, udlulisile isikhathi esimisiweyo.’


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”


nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe, nakuwo amahhashi abo, nakuzo izinqola zabo, nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo, nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ