Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, naphezu kwezinqola zabo zempi, naphezu kwabagibele amahhashi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 INkosi yasisithi kuMozisi: Yelula isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, phezu kwezinqola zabo laphezu kwabagadi bawo bamabhiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:26
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”


Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.


Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.


Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse elwandle; izinduna zakhe ezikhethiweyo zaminza eLwandle Olubomvu.


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.”


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”


Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe, eyakusala e-Asiriya, njengalokho kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ