Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Abantu bakwa-Israyeli badabula olwandle behamba emhlabathini owomileyo, amanzi enza udonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle, amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:22
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayithatha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.


U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.


Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.


Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.


owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.


Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.


Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi anqwabeleka; izifufula zema njengenqwaba, amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.


UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe, anikine isandla sakhe phezu koMfula* ngokuhwamula komoya wakhe, awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa, ukuze kuhanjwe ngezicathulo.


Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe, eyakusala e-Asiriya, njengalokho kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle, nomkhondo emanzini anamandla,


Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na?


owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwabo ukuba azenzele igama eliphakade;


owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane, ukuze bangakhubeki, na?


‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’


Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;


Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza.


ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko.


Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.


anobazisa abantwana benu, nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomileyo,’


babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ