Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo, bheka, abaseGibithe babebalandela; besaba kakhulu, abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:10
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.


“Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe, wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu;


Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo.


Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.


Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.


Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.


Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.


Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*


Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.”


Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,


Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.


Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.


Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!


“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.


Ngakhipha oyihlo eGibithe; nafika elwandle; abaseGibithe babaxosha oyihlo ngezinqola nangabamahhashi, baze bafika eLwandle Olubomvu.


Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ