Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 13:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyobahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu ukubahola endleleni; nasensikeni yomlilo ebusuku ukubakhanyisela; ukuhamba imini nobusuku:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 13:21
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku.


Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane, Sela*


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.


Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.


Wayesethi kubo: “Makabe nani-ke uJehova, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.


Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?


Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu.*


babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.


owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.


UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ