Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 13:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile nokubafungisa abakwa-Israyeli, ethi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela nokunihambela, nikhuphule lapha amathambo ami kanye nani.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela ngokwempela, anikhulule, niyakuwathwala amathambo ami lapha.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke uMose wathatha amathambo kaJosefa wahamba nawo, ngoba wayebafungile abantwana bakwa-Israyeli wathi: “Impela uNkulunkulu uzonilalela; futhi niyothwala amathambo ami nisuke lapha nani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 13:19
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.


Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba.


Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi.


Ngokukholwa uJosefa esezakufa wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli, wayaleza ngamathambo akhe.


Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ