Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 13:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 13:14
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.”


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,


“Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.


owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.


asinakukufihla kubantwana babo, izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: ‘Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.’


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:


“Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.


UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.


Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.


“ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


“Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi: ‘Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na?


ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu nguye owasikhuphula thina nawobaba ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, nowazenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo, naphakathi kwabo bonke abantu esadlula phakathi kwabo.


ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu, kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’


bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.


uJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakukhuphula eGibithe, ngakukhipha endlini yobugqila,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ