Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 12:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: ‘Iyini le nkonzo kini na?’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Kuyothi lapho abantwana benu benibuza, bethi: ‘Kuchazani ukugujwa kwalo mkhosi na?’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kuyakuthi lapho abantwana benu bethi kini: Ithini le nkonzo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 12:26
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.


Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo.


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.


Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.


Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


“Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nasemalungeni akho, akutshele.


“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?’


ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ