Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 12:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholwa mvubelo ezindlini zenu; ngokuba yilowo nalowo odla okuvutshelweyo uyakunqunywa ebandleni lika-Israyeli, noma engowezizwe noma engowokuzalwa ezweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 12:19
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.


Ningadli lutho oluvutshelweyo; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.’ ”


UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Lokhu kungumthetho wephasika: owezizwe makangalidli;


“Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala sinkwa esivutshelweyo kuwe, kungabonwa namvubelo ezweni lakho lonke.


“Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho,


Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


“Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.


Ngenyanga yokuqala ngolweshumi nane lwenyanga kusihlwa kuyiphasika likaJehova.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.


Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ