Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 12:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “ ‘Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kumelwe uwugcine umkhosi wesinkwa esingenamvubelo; ngoba ngalona lolosuku ngikhiphile amabutho akho elizweni leGibhithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu kube yisimiso esiphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 12:17
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


“Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.


niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa.


Ngakho uyakuwugcina lo mthetho ngesikhathi sawo iminyaka ngeminyaka.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: ‘Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.’


“Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.


Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”


AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”


lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;


Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ