Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 11:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma.’ ” Waphuma kuFaro evutha ulaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo, mina-ke ngiyakusuka. Wasuka kuFaro ngolaka olukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 11:8
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”


Yayisihamba inkosi yakwa-Israyeli, nenkosi yakwaJuda, nenkosi yakwa-Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.


Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.


Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.


Wathi uMose: “Ukhulume kahle; angisayikubuye ngibone ubuso bakho.”


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”


Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo, badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi; inyama yonke iyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.


Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.


Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


yebo, bonke abantu bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe na? Kuthini ukuvutha kwalolu laka olukhulu na?’


Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.


Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.


Wayesethi kubantu baseSukoti: “Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ