Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 11:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa, kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Wonke amazibulo eGibhithe azokufa, kusukela ezibulweni likaFaro ohleli esihlalweni sobukhosi kuya ezibulweni elizalwa ngowesifazane oyisigqila ogwedla isigayo, nawo wonke amazibulo emfuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi wonke amazibulo ezweni laseGibhithe ayofa, kusukela ezibulo likaFaro ohlezi esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube izibulo lencekukazi engasemuva lokuchola; nawo onke amazibulo ezilwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 11:5
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.


owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.


Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe, uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizalo okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.’


Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”


Thatha amatshe okugaya, ugaye impuphu, uyisuse imvakazi yakho, uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula.


Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.


ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.


Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.


AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ