Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 10:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 10:20
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, ngokuba ngenze lukhuni inhliziyo yakhe nenhliziyo yezinceku zakhe ukuba ngizenze lezi zibonakaliso zami phakathi kwabo,


UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu; wona wasusa isikhonyane, wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.


Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.


OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.


Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.


UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose.


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ