Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 1:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle; abantu banda, baba baningi kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 UNkulunkulu wabenzela okuhle ababelethisi; abantu banda, baba namandla amakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngakho uNkulunkulu wabaphatha kahle ababelethisi, futhi abantu banda baba namandla kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 1:20
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.


Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami, wabanika ifa abalesaba igama lakho.


Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.


Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli.


Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungokuba amaHeberukazi engenjengabaseGibithe; anamandla, abeletha, engakafiki umbelethisi kuwo.”


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.


Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.


Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.


ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ