Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kodwa ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho yasho kubo inkosi yaseGibithe, babasindisa abafana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Kepha ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abazange benze njengokuyala kwenkosi yaseGibhithe, kodwa babayeka abafana baphila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho inkosi yaseGibithe yayibayalile, bazala abafana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 1:17
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.


Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi. UJowabe nezinduna zempi baphuma ebusweni benkosi ukuba babale abantu bakwa-Israyeli.


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Zase zithi izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi kuMoridekayi: “Weqelani isiyalezo senkosi na?”


Yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.


Inkosi yaseGibithe yayisibiza ababelethisi, yathi kubo: “Nenzeleni lokhu, nasindisa abafana, na?”


Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.


Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.


Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;


Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”


U-Efrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.


Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo: “Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka, bengakwambulelanga kimi.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ