Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 1:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bazenza zaba muncu ukuphila kwabo ngobugqila obulukhuni, ngokunameka, nangokufaka izitini, nangayo yonke imisebenzi yasensimini; yonke inkonzo yabo ababekhonza kuyo yayilukhuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 1:14
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.


yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.”


Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.


Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.


AbaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwa-Israyeli ngamandla.


Inkosi yaseGibithe yakhuluma kubabelethisi bamaHeberukazi, igama lomunye wabo linguShifira, elomunye linguPhuwa,


Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.


Njengengonyama ebhongayo nebhere* elihahayo, unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “We bantu bami, enakhe eSiyoni, ningalesabi i-Asiriya, lapho likushaya ngentonga yalo, liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.


eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga.


Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo, abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi: ‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’ wawusuwubeka umhlane wakho waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”


“Manje nginantoni lapha,” usho uJehova, “lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova, “negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.


“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?


Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.


Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, omunye phezu komunye.


Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.


enidla inyama yabantu bami, nihlinza kubo isikhumba sabo, naphula amathambo abo, yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”


Zikhelele amanzi okuvinjezelwa, uqinise izinqaba zakho; ngena odakeni, uxove ibumba, uqinise uhonela.


ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;


Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.


Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’


abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;


Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.


Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi;* ngibizeni ngokuthi uMara,* ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ