Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 9:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova wathi kimi: ‘Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wathi kimi: “Sukuma, usuke lapha masinyane; ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe babunile, baba yincithakalo; baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzela isithombe esibunjiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 9:12
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


“Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda, na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.


Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli,


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


“Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


funa none, nizenzele izithombe ezibaziweyo, isimo somfanekiso wowesilisa noma owowesifazane,


Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.


Ngase ngibheka, ngabona ukuthi nanonile kuJehova; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyale ngayo.


Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’


Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo, nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho.


Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ