Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 6:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Niyakugcina ngokucophelela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kumelwe niyigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu nobufakazi bakhe nezimiso zakhe aniyale ngazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 6:17
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,


wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


“Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


“Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,


UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni,


Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ