Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Qaphela ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 6:12
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo yena niyakumesaba, kuyena niyakukhothamela, nimhlabele yena;


aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani, ningesabi abanye onkulunkulu;


“Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu: ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;


Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,


Konke lokho kusehlele, kodwa asikukhohlwanga wena; asisaphulanga isivumelwano sakho.


Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.


“Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: ‘UJehova ungubani na’ ” funa ngibe mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.


Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonke ngokufutheka komcindezeli njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:


Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.


lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,


IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.


Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.


“Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:


“Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.


bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ