Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 5:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

33 Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Kumelwe nihambe ngazo zonke izindlela uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngazo, ukuze niphile, niphumelele futhi nibe nezinsuku eziningi ezweni eniyakulidla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 5:33
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.”


izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;


“Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ibandla likaJehova, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle, nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.


Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.


Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.


Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.


Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.


Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.


Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.


NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze,


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.


Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.


sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.


ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


“Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ