Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 5:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 “Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 “Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngakho lizakwenza lokunanzelela njengokukulaya kukaJehova uNkulunkulu wakho: lingaphambukeli ngakwesokunene loba kwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 5:32
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;


futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose.”


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.


Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.


Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.


nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.


NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze,


“ ‘Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo, kube ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze.


Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.


“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.


njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza, ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo.


inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.


“Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.


nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.


sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.


Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.’


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


“Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.


Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


“Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,


Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ