Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 USimakade akasenzanga lesi sivumelwano nobaba, wasenza nathi, thina sonke esilapha, esisaphila namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, thina sonke esisekhona namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 5:3
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.”


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.


Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ