Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 4:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 iBeseri elisehlane ezweni lethafa libe ngowabakwaRubeni, neRamoti elikwaGileyadi libe ngowabakwaGadi, neGolanu eliseBashani libe ngowabakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

43 iBhezeri elisehlane ezweni eliyithafa libe ngelabakwaRubeni, iRamothi ekwaGileyadi ibe ngeyabakwaGadi, neGolanu eseBhashani ibe ngeyabakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

43 EBeseri ehlane ethafeni lakwaRubeni; neRamoti yakwaGileyadi kwaGadi; neGolan eBashan, kwabakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 4:43
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

noBeni Geberi eRamoti Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi, nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,


namadodana kaMerari ngenkatho ngemindeni yawo esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.


Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwa-Efrayimi.


Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo;


nasesizweni sakwaGadi iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, neMahanayimi namadlelo alo,


ukuba umbulali abalekele khona, obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi, wothi aphile uma ebalekela komunye waleyo mizi:


Yiwo umthetho uMose awubeka phambi kwabantwana bakwa-Israyeli;


Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.


Abantwana bakwaGereshoni bemindeni yamaLevi babelwa kuyo inxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neBeyeshitera namadlelo alo, imizi mibili.


Esizweni sakwaRubeni: iBeseri namadlelo alo, neJahasi namadlelo alo,


Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ