Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 4:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 futhi ungaphakamiseli amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi, yebo, lonke ibandla lasezulwini, lixoshwe ukuba likhuleke kuzo, likhonze lezo uJehova UNkulunkulu wahlukanisela izizwe zonke ngaphansi kwalo lonke izulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 4:19
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,


Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke.


Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.


Akukho ukukhuluma, awakho amazwi, lapho izwi lingezwakali khona.


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini, nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:


Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma isivumelwano sami semini nesobusuku singemi, ngingamisanga izimiso zezulu nomhlaba,


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


engadli ezintabeni, engaphakamisi amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, engangcolisi umkamakhelwane wakhe, engasondeli kowesifazane ekungcoleni kwakhe;


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?


baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.


Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ