Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 33:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nalokhu wathi ngoJuda: “Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 “Washo lokhu ngoJuda: ‘Yizwa, Simakade, yizwa izwi likaJuda, umlethe kwabakubo; izandla zakho zimlwele, umsize kwabamelene naye.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lesi kwakuyisibusiso sikaJuda, wathi: “Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakhe; izandla zakhe mazimnele; futhi ube usizo kuye ezitheni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 33:7
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.


Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”


Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”


Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.


Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe


Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele, akusekele ngamandla aseSiyoni.


Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.


Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.


Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.


Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu.


Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.


Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


“Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.


Leli liyifa lesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ