Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 32:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 “ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

39 “ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Bhekani manje ukuthi ngiyilokhu nokuthi akakho unkulunkulu ngaphandle kwami. Ngiyabulala, ngiphilise; ngiyalimaza, ngipholise, akakho ongophula esandleni sami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 32:39
41 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”


Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.


Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu; ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:


noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.


Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.


Kepha unguwe njalo, iminyaka yakho ayiyikuphela.


Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala; inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”


Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?


“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo; ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.


Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Wayesethi kuye: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe; kuthe esikhipha esifubeni sakhe, bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.


isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;


UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.


Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.


Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na? Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni: mina Jehova engingowokuqala nenginguye nakwabokuphela.”


“Ningofakazi bami,” usho uJehova, “nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona.


Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova, “mina nginguNkulunkulu.


Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?”


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Mina nginguJehova, akakho omunye; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; ngiyakubhincisa ungakangazi,


Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


“Ngilalele, Jakobe, wena Israyeli, obiziweyo wami; ngisenguye, ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.


Ngalokho profetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?” Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”


Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe, phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini, njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.


Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”


UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.


“Wena waboniswa lokho ukuba wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu, akakho omunye ngaphandle kwakhe.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Njengesambatho uyakuwagoqonga, njengengubo ayakuguquka. Kepha wena unguye njalo, iminyaka yakho ayiyukuphela.”


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


“Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:


“UJehova uyabulala, abesephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, abesenyusa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ