Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 32:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngokuba umvini wabo ungumvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo amunyu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Umvini wabo ungumvini waseSodoma ovela emasimini aseGomora; izithelo zawo ziwubuthi, amahlukuzo awo amuncu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngokuba umvini wabo ungowomvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zomvini zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo ayababa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 32:32
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, besewusibekela ukona kwami.


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, saveza izithelo zasendle, na?


Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?


Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”


Ukona kwendodakazi yabantu bami kukhulu kunesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.


Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;


iwayini labo liyisihlungu sawodrako,* lingubuthi obesabekayo bamabululu.


niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ