Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 31:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 UMose waloba lo mthetho, wawunika abaphristi, amadodana kaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UMose wawuloba lo mthetho, wawunika abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 31:9
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, abapristi baphakamisa umphongolo.


izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;


Khona uDavide wathi: “Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.”


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.


UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.


UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,


bawembese isikhumba samatahasi,* bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo.


“Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.


bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.”


Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


“Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi;


Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.


Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.


Zayala abantu, zathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala, niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ