Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 30:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba ungukuphila kwenu nobude bezinsuku zenu, ukuze nihlale ezweni uJehova alifungela lona. Oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika bona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 30:20
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?


Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;


ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.


Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;


‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’


Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;


akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


“Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,


nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Kepha lapho niwela iJordani, nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile,


ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.


UMose waya ukukhuluma lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli,


Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.


kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu,* uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ