Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 30:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 “Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kufakaze ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; khethani ukuphila, ukuze niphile wena nenzalo yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 30:19
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”


Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.


Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho.


Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.


ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova,


Endleleni yokulunga kukhona ukuphila, nalapho umkhondo wakho udlula khona, akukho ukufa.


Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: “Abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami


“Uyakusho kulaba bantu, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa.


ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini.


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


“Bheka, ngibeka phambi kwakho namuhla isibusiso nesiqalekiso,


“Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele, isibusiso nesiqalekiso, engizibekile phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,


“Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi,


ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.


“Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


“Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ