15 Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.
15 UMakhiri ngamnika elakwaGileyadi.
15 IGileyadi ngalinika iMagiri.
UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.
USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.
Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani, kepha inxenye uJoshuwa wayinika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi: