Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 29:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 “Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bese nigcina amazwi alesi sivumelwano niwenze, ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 29:9
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,


Wonke uJuda wayemi phambi kukaJehova, nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo.


Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe, wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.


Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.


Bayakubuza indlela yaseSiyoni, ubuso babo bubhekene nalo, bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.


Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


“Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,


Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.


Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.


UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, bema phambi kukaNkulunkulu.


Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ