Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 29:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibhithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 29:2
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.


OMose no-Aroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.


Ubona izinto eziningi, kepha awuqapheli; izindlebe zakhe zivulekile, kepha akezwa.”


UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,


Ngokuba amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.


Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso lezo ezinkulu;


ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu nguye owasikhuphula thina nawobaba ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, nowazenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo, naphakathi kwabo bonke abantu esadlula phakathi kwabo.


Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ