Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 29:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ukuze kungabikho phakathi kwenu owesilisa, noma owesifazane, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso iphambukela kuJehova namuhla ukuba ahambe akhonze onkulunkulu balezi zizwe; ukuze kungabikho mpande ezala inyongo nenyongo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 29:18
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.


Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;


ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”


Amahhashi ayagijima emadwaleni, kulinywa elwandle ngezinkabi, na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu, nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,


Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.


kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,


Ngokuba umvini wabo ungumvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo amunyu;


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


“Sihlalelani na? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile, wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.”


Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu, athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na?


Bazinge bethi kwabangidelelayo: UJehova ukhulumile uthi: ‘Niyakuba nokuthula.’ Kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo bathi: ‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ