Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:62 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

62 Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

62 Noma nanibaningi ngangezinkanyezi zezulu, niyakushiywa niyingcosana, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

62 Niyosala niyingcosana ngenani, nisebaningi njengezinkanyezi zezulu; ngoba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:62
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.


Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nezinyanga zonke zemisebenzi, nabakhandi; akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu abayizimpofana bezwe.


Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.


Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali, besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.


Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba, nabakhileyo kuwo batholiswa icala; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusale abantu abayingcosana nje.


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo, yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki* okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


zathi kuJeremiya umprofethi: “Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi, njengalokhu amehlo akho ekubona nje,


Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu, nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwa-Israyeli.”


Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku.


uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.


Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ