Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:53 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 “Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

53 “Uyakudla isithelo sesibeletho sakho, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuhlaselweni, izitha zakho eziyakukuhlasela ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Uyakudla isithelo sesisu sakho, inyama yamadodana akho namadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona, ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zakho eziyakukucindezela ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:53
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’


“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.


Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!


“Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


Umuntu othambileyo notetemayo phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, nakumkakhe osesifubeni sakhe, nakuyo insali yabantwana bakhe abaseleyo,


ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.


nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe, nakubantwana bakhe ayakubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ekusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ