Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:52 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

52 Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

52 Siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho, zize ziwe izingange zakho ozethembayo ezweni lakho lonke, siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunike lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

52 Iyakuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izindonga zakho eziphakemeyo nezibiyelweyo othembele kuzo ezweni lakho lonke; uyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:52
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.


Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.”


Izwe lakini liyihlane, imizi yenu ishisiwe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.


UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,


Qoqa umshuqulo wakho ezweni wena ohlezi ekuvinjezelweni.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.”


AmaKaledi ayakubuya, alwe nalo muzi, awuthathe, awushise ngomlilo.’


INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


“Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema.


Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.


Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.


Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ