Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

51 Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Uyakudla izithelo zezinkomo zakho nezithelo zezwe lakho uze ubhujiswe; wakubhubhisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:51
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.


Izwe lakini liyihlane, imizi yenu ishisiwe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.


UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,


Ngiyakunikela imfuyo yakho nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.


Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.


Babe ngcono ababebulawa ngenkemba kunababebulawa ngendlala, ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.


uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.


bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo, bamise amakamu* abo phakathi kwakho, babeke amakhaya abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.


Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha.


Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ