Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, ubuka ngamehlo akho, uyofisa ukuwasiza usuku lonke, kodwa isandla sakho singabi namandla okwenza utho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Amadodana akho namadodakazi akho ayonikwa esinye isizwe, futhi amehlo akho ayobabheka futhi aphele amandla usuku lonke, futhi ngeke kube namandla esandleni sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:32
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bhekani, obaba bawile ngenkemba, amadodana ethu namadodakazi ethu nawomkethu basekuthunjweni ngenxa yalokho.


Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo, amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.


mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.


Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.


Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”


Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.


Ngatshiyozisa okwenkonjane, ngaliliselisa okwejuba; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami.”


“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,


“Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo,


nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.


Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,” usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.


Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo.


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Maye kuwena Mowabi! Niphelile, nina bantu bakaKemoshi; unikele amadodana akhe abe ngababaleki, namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.


“Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.


Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.


Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula, kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho, kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ